wamulekile kwa mbhele sompisi umphemba ugodide untuli ka ndlela

ngisukuma nokukwamukela lapha ekhaya.... angithi shelele ngibuye nokuphuzwayo...ibe nje uthi ukubheka okufunayo ngenkulu inkululeko le...







Tuesday, September 7, 2010

Iphathise Okweqanda

Utshalile kim' uthando.
Baby lwakhula njerngesitshalo,
Esinakekelwe, esichelelwe nesihlakulelwe.
Now that ive given you my heart,
Please baby iphathise okweqanda....
Please baby iphathise okweqanda...

Angeke ngikufanise nabanye abafana
Ngoba ngikholelwa ukuthi akusibo bonke abayizimfama,
Sengisho phela zothando.
Wena wehlukile...
Ngokomqondo ukhulile...
Ngokwenhliziyo ujulile...
Yingakho nami ngikuthembile,
Ukuthi soze wena wayiphula,
Le' yami inhliziyo.

Utshalile kim' uthando.

Baby lwakhula njerngesitshalo,
Esinakekelwe, esichelelwe nesihlakulelwe.
Now that ive given you my heart,
Please baby iphathise okweqanda....
Please baby iphathise okweqanda...



Phela nje wena ngikukhethile.
Ngingadakiwe...
Ngingakhohlisiwe...
Ngingahlohliwe kodwa leyami inhliziyo whenever you are aruond...
Nhliziyo yami ishaya ama turn arounds...
Angithi nje iyamazi umazi umniniyo le nhliziyo engikhuluma ngayo.
Iyamazi nomlimi wayo,
Nomtshali wayo...
Sengisho wothando lwakho nami...
Wothando lwakho nami...

Utshalile kim' uthando.

Baby lwakhula njerngesitshalo,
Esinakekelwe, esichelelwe nesihlakulelwe.
Now that ive given you my heart,
Please baby iphathise okweqanda....
Please baby iphathise okweqanda...



Mhlawumbe ngikuthanda kakhulu,
Kanti kungezeka ukuthi loluthando engikuthanda ngalo alwanele.
Kodwa mina ngiyabonga ukuthi angiwanga othandweni nawe...
I didn't fall in love with you...
Coz all the things that fall,
Break...they break up into tiny little pieces but wena utshalile kimi uthando...
Baby ngiyathembisa...ngyathembisa...
Luzokhula lube yisihlahla somganu,
esingashi...singomi...
Esizothela izithelo...
Zothando lwakho nami...
Mina ngithele izithelo...
Zabantwana bami nawe
Abazoba yizimbongi ezincane...
Ngoba wena uyimbongi...
Nami ngiyimbongi...
Wena qhawe lami... mina qhawe-kazi lakho...
Sozala amaqhawakazana ethu...

Utshalile kim' uthando.

Baby lwakhula njerngesitshalo,
Esinakekelwe, esichelelwe nesihlakulelwe.
Now that ive given you my heart,
Please baby iphathise okweqanda....
Please baby iphathise okweqanda...