wamulekile kwa mbhele sompisi umphemba ugodide untuli ka ndlela

ngisukuma nokukwamukela lapha ekhaya.... angithi shelele ngibuye nokuphuzwayo...ibe nje uthi ukubheka okufunayo ngenkulu inkululeko le...







Monday, November 15, 2010

Inkondlo Emnandi



Ngifuna ukukubhalela inkondlo emnandi.
Ozothi mawuyilalele, uvukelwe...imizwa yothando.
Lugubhuzele ngamandla njengenhliziyo yami mayikubona wena sthandwa sayo.

Yazi uma ngikubuka
Kwenzeka izimanga.
Kuba nesimo esihamba hamba sibandise amathumba esiswini.
Lesimo sinesimo sokutshela inhliziyo ukuthi igijime ngamandla engingazi ijahephi.
Kuthi kusenjalo kushise igazi.
Ngizwe nekhala lijuluka.
Ngigcine sengingazi ukuthi ngzothini kuwena.
Kodwa manje...

Ngfuna ukukubhalela inkondlo emnandi.
Ozothi mawuyilalele uvukelwe...imizwa yothando.
Lugubhuzele ngamandla njengenhliziyo yami mayikubona wena Sthandwa sayo.

Ngfuna inkondlo ezokwenza...kuqedeke ubuthakathaka...ungawabheki namathanga amathatha.
Ungabi uthathekile.
Ngalenkondlo ngfuna ikwenze uThobekile noThobani.
Uthobele umthetho wothando lwethu kodwa ungsize ze ungabi phela isithothobala.
Kodwa ke...

Ngfuna ukukubhalela inkondlo emnandi.
Ozothi mawuyilalele uvukelwe...imizwa yothando.
Lugubhuzele ngamandla njengenhliziyo yami uma ikubhekile wena sthandwa sayo.

Ngfuna inkondlo ezoba u- IZWA MINA NGEDWA.
kungadingi ukuthi ngiye e-Market ngyowuthenga.
Ngfuna inkondlo ezothi masixabene,
singasakhulumisani, kukubi ngempela.
Ifike ijoje njengothi lomkhonto enhlizweni yakho ikukhumbuza ukuthi ngikuthanda kangakanani mese sixolelanake.
Ngfuna inkondlo ezoba yimina uma ngingekho.
Seninobabili nentombazane,
ningabonwa muntu ninethuba lonke lokwenzana...izilima
ngisho selimile itende umfundisi nabashumayeli bakhe ababili belinde ukuqalisa inkonzo enkulu.
Ukhumbule ukuth u mam akazoyithandake lento.
Ushaye utshani.

Ngfuna inkondlo ezoba umshini wokukuceba uma uqamba amanga.
Ezokwenza wekhulume wonke amaqiniso nengingawabuzanga azizele ngamasoso.
Ngiwamukele ngezimhlophe
ngikuxolele ngenhliziyo emhlophe.

Ngfuna inkondlo ezokukhumbuza la sahlangana khona ebhasini.
Futhi nje angthathe leli thuba ngbonge u olympic bus no. 742.

Ngfuna inkondlo ezokukhumbuza izinto ebesizenza ndawonye kandawo.
Zibe yinsika kubudlelwane bethu.
Ze buqine njengentaba yaseSiyoni.

Ngfuna inkondlo ezokwenza ucabange mina.
Ubhale mina.
Ukhulume mina
uzwe mina
uthandaze mina
ukhumbule mina.
Yingakho ngfuna ukukubhalela inkondlo emnandi.
Ozothi mawuyilalele uvukelwe...imizwa yothando. Lugubhuzele ngamandla njengenhlhziyo yami uma ibhekile wena sthandwa sayo.