Bab ngenze ngiyihambe lendlela yepoetry ngingadikibali
nanokuba abantu bethini ngenze baba ngingakhathali
ngithi sengikwenzile konke baba ngingakulibali
ngingalibali ukuthi wena ungilethile ukuba ngiphelelise umsebenzi
ungilethile ukuthi ngami uthi kufeziwe
ungibekile ukuthi kukho konke ngikukhonze mina ngifuze wena baba
ngingakhonzi ababnye othixo ngaphandle kwakho baba
lapho usathane engathandi ukubona into enhle kodwa ngibonga ukugcinwa kwesakho isandla somusa
lapho konke okudaliwe ngiyakukubusa
ngazo lezi ongibusise ngazo
baba ngenze ngikulandele
izwi lakho ngililangazelele
ukuze ngifinyelele ekulazini iqiniso
lapho konke okuyizo izifiso
ziyofezekiswa nguwe baba
lapho abakhohlisi beyo phelelwa izikhohliso
bafinyelele ekulazini iqiniso
lapho bonke abalingisi bobubi
beyophelelwa izilingiso
bafinyelele ekulazini iqiniso....
ekulazini iqiniso
leli othe uma sikuvuma
sikuvulele izinhliziyo
ungene
sidle kanye nawe
okwaphezulu
uyakusibonisa imfihlakalo
engembulelwe abanenkohlakalo....
hleze bangazihlaza izibonakaliso....
baba ngenze ngiyihambe lendlala yepoetry ngingadikibali
nanokuba abantu bathini ngenze baba ngingakhathali
ngithi sengikwenzile konke baba ngingakulibali