wamulekile kwa mbhele sompisi umphemba ugodide untuli ka ndlela

ngisukuma nokukwamukela lapha ekhaya.... angithi shelele ngibuye nokuphuzwayo...ibe nje uthi ukubheka okufunayo ngenkulu inkululeko le...







Tuesday, October 26, 2010

Sukuvuma

Sukuvuma izintambo zemuva lakho
Zikubophe izinyawo zakho.
Sukuvuma izandla zabaseceleni kwakho
Ziphazamise lapho amehlo akho ebheke khona.
Sukuvuma izenzo zakho zayizolo.
Ziphambanise owakho umbono.
Sukuvuma amandla akho aqedwe abaqedekayo endleleni,
 Kepha funda kulokhu okubaqedayo endleleni,
Ze nawe uthi sewuqedile,
 Uqwashise abasayiqala lendlela.
Sukuvuma kucindezelwe owakho umqondo
Okuzokwenza wekhulume okusengenawo umqondo.
Sukuvuma ukuqanjelwa amanga,
Hleze ungasalazi iqiniso lowasidalayo.
Sukuvuma ukutshelwa ukuthi ungubani
Ngabanye abantu abangazazi ukuba bangobani.
Noma sebethi umuntu ngumuntu ngabantu.
Sukuvuma ukunenjwa ngecala ze bona babemsulwa nonembeza babo.
Sukuvuma bakuphumelelise ngegazi labantu elimemeza ehlane.
Sukuvuma badicelele esakho isithunzi ze ezabo izithunzi zisimame.
Sukuvuma bakutshele ukuthi awuyilutho
Ngoba ezulwini kwahlalwa phansi ngezimpilo zethu.